IMeya yoMasipala wase-Alfred Duma, uMhlonishwa Zama Sibisi, isinxuse amaphoyisa ukuthi asebenzisane nomasipala ekuqinisekiseni ukuthi abantu bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho bayabuyela emazweni abo ngendlela esemthethweni.
USibisi uveze lokhu ngesikhathi kunohlelo lokuqwashisa umphakathi obusehholo lomphakathi eZakheni kwa B ngokufuduka okungekho emthethweni, oluhlelwe uMasipala Wesifunda soThukela ngokubambisana noMasipala wase-Alfred Duma, uMasipala wase-Inkosi Langalibalele, uMnyango Wezasekhaya, uMnyango Wezokuqashwa Nezabasebenzi, amaphoyisa nezinye izinhlaka zikahulumeni.
Kulo mhlangano bekukhona noMeya wase-Inkosi Langalibalele, uMhlonishwa Mduduzi Myeza.USibisi uthe umasipala usuvele unamacebo okweseka osomabhizinisi bakuleli ukuze bathathe amathuba ezohwebo uma sekuhamba osomabhizinisi bakwamanye amazwe abangekho semthethweni.
Isikhulu se-Local Economic Development (LED), uMandisa Khumalo, sichazele umphakathi ngezindlela zokuqala, zokukhulisa nokusimamisa amabhizinisi, sakhuthaza izakhamuzi ukuthi zisebenzise amathuba omnotho akhona endaweni futhi zihambisane nemithetho yaseNingizimu Afrika.
Lolu hlelo lulandela izikhalo ezivela ezinhlanganweni zomphakathi, okubalwa kuzo i-March and March, ezifuna kuthathwe izinyathelo ngabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi zokuhlala nokusebenza eNingizimu Afrika.
