Umphakathi waseVan Reenen, eMnambithi ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma, usukhale ngesimo samanzi anephunga elibi abawaphuzayo kusukela ngo-2023 kuze kube manje.Lolu daba luvele ngesikhathi somhlangano phakathi komphakathi neKhansela leWard 26, uNkululeko Mkhasibe.
Ngokusho komphakathi, izinkinga zaqala ngemuva kokuqhuma kwepayipi likadizili elingaphansi komhlaba, okusolwa ukuthi kwabangela ukungcola kwamanzi.
Bathi ngaphambilini uMasipala wase-uThukela ubefaka amakhemikhali emanzini ukuze anciphise iphunga, kodwa lokho sekumisiwe, nokuphoqe umphakathi ukuthi uqhubeke nokusebenzisa amanzi anephunga elibi.UKhansela uNkululeko Mkhasibe uthe inkampani yakwaTransnet yalungisa ipayipi elaqhuma yafaka elisha, kodwa inkinga yephunga emanzini ayikapheli.
UMkhasibe usola ukuthi udizili owachithekela emhlabathini kungenzeka usangcolisa amanzi. Uthe usephinde waxhumana neTransnet ukuze ingenelele, kanti inkampani ithe isebenza ekutholeni amakhemikhali azosiza ukuqeda iphunga emanzini.
