Njengoba kuya ngokumba eqolo ukudla ezitolo kuleli abantu bakuthola kunzima ukuthenga okuya ngasesiswini bese bezama izindlela ezilula ukuze belale bedlile.
EBergville yindawo yasemakhaya edle ngamaplazi amaningi akhiqiza ukudla okuningi kanti abantu abahlala khona iningi labo alisebenzi noma besebenza baningi abathola imali engathokozisi nenganele ukuthenga zonke izidingo zabo.
Kuneplazi elisendaweni yakwa Nokopela uma ulibangise e- Emmause ebelitshale amazambane njengamanje aseyavunwa, iningi lithutheleka khona liyowathenga kuthi labo abangenamali bezame ukuwantshontsha.

Kamuva nje kuke kwaqubuka ingxabano lapho abakhele lendawo yakwanokopela benqanda abaqhamuka kwezinye izindawo ukuba bacoshe nabo lapho bebethululelwa khona ngumlungu weplazi amazambane bethi wenzela bona kuphela.
Inkampani yonogada Ithemba eqapha leliplazi izolo ngezikhathi zabo 8:30 ebusuku ibophe abasishiyagalolunye abebeyotshontsha , lokhu kuqinisekiswe yilenkampani ekhasini layo laku Facebook izolo nethe babambe abebezontshontsha base bebahambisa esiteshini samaphoyisa e Bergville nalapho bebekwe amacala okungena ngokungemvume eplazini kanye nelokweba.