Kulempelasonto esisuka kuyo kuqopheke umlando esizweni sikaZulu. ISilo uMisuzulu kaZwelithini ememezela uNdunankuku kanjolo nephini lika Ndunankulu kaZulu emcimbini woMkhosi waseSandlwana weminyaka eyikhulu nameshumi amane nanhlanu 145 Sandlwane Nquthu.
ISilo simemezele umfundisi uThulasizwe Buthelezi njengoNdunankulu kaZulu kanti inkosi yesizwe sase Madungeni Inkosi uChiliza yena uzoba iphini lika ndunankulu.
I-African National Congress (ANC) e-Inkosi Bhambatha kwisifunda uMzinyathi isibongele iNkosi uChiliza ngesikhundla sayo esisha.
Umdidiyeli omkhulu wokhetho kulesifunda uMnuz Jomo Sibiya uthe umlando kanjolo nobuhlakani beNkosi yaseMadungeni buhle futhi uzokwazi ukwenza isiqiniseko sokuthi isizwe siyathuthuka kwezemfundo, kwezomnatho kanjalo nenhlalakahle nje yaso Isizwe.
Uthi ibutho lizoba nenhlanhla yokuthola umuntu onjenge Nkosi uMdunge ngoba uzoligqugquzela ukuthi lifunde futhi alilekelele kakhulu ukuthi lithuthuke.
uSibiya ukusho lokhu ekhuluma nebazindaba emhlanganweni we ANC obewubanjelwe eNdumeni eDundee ngesonto. Uveze ukuthi lezinsizwa ezimbili iNkosi yase Madungeni kanye noMfundisi uButhelezi uyabathemba ukuthi bazosikhulisa isizwe sikaZulu. Uphinde wanxusa wonke umuntu nasizwe ukuthi sibaseke kuloluhamba lwabo olusha waphinde wathi
” Singu Khongolose esifundeni sase Nkosi Bhambatha sibafisela inhlanhla ikakhulu INkosi uChiliza njengoba aphinde hlale kwi Controlesa uzokwzi ukufundisa amanye amakhosi akwezinye izizwe ngokubaluleka kokuba nguNdunankulu wesizwe”