Iqembu iDemocratic Alliance (DA) esifundeni sasoThukela seliqale umkhankaso wokungena umuzi nomuzi liqoqa ukwesekwa kwecala elizolibhekisa enkantolo ngenhloso yokuphoqa uMasipala wesiFunda uThukela ukuthi ufeze isibopho sawo sokuhlinzeka ngamanzi nezinsiza zokuthuthwa kwendle.
IKhansela leDA, uThys Janse van Rensburg, lithe abameli sebelungiselele amafomu okufungela (Supporting Affidavits) alula ukuze izakhamuzi zibhale ulwazi ngezinkinga zamanzi ezibhekene nazo.
IDA ithe izakhamuzi ziyacelwa ukuthi ziveze ukuthi ompompi bazo bahlale isikhathi esingakanani bengenamanzi, ukuthi amanzi aphuma ngomfutho ongakanani, nokuthi lokhu kuthinta kanjani izimpilo nemindeni yazo.
Leli qembu lithi wonke ama-afidavithi azofakwa azosiza ekuqiniseni isicelo senkantolo ngokukhombisa ubukhulu benkinga ebhekene nezakhamuzi ezingaphezu kuka-700 000 ezihlala ezindaweni ezifana neLadysmith, Estcourt, Bergville, Winterton kanye nemiphakathi yasemakhaya.Ngokusho kweDA, leli cala lifuna inkantolo iphoqe uMasipala ukuba wethule futhi usebenzise uhlelo oluzobhekwa yinkantolo lokubuyisela ukuhlinzekwa kwamanzi ngendlela ethembekile.
IDA inxuse zonke izakhamuzi ezihlushwa ukushoda kwamanzi ukuthi zigcwalise amafomu okufungela ngaphambi komhla zi-2 kuNtulikazi 2026 ukuze zibe yingxenye yomzamo wokufuna isixazululo kule nkinga.
