Umphakathi waseBethany eBergville usucele uKhansela wewadi, uTiza Khoza, kanye nezikhulu zikaMasipala ezibhekelele ezamabhizinisi ukuthi zihlele umhlangano ophuthumayo ngaphambi komhla zingama-30 kuJuni ukuze kuxoxwe ngodaba lwabokufika abanezitolo kule ndawo.
Lokhu kulandela izinsolo zokuthi izingane zesikole zithenge ama-snacks kwesinye sezitolo endaweni, kwathi ngesikhathi ziwavula zathola kunephela phakathi kokudla. Elinye ilungu lomphakathi lithi ngesikhathi liyobikela umnikazi wesitolo ngalesi sigameko, kuthiwa wavele wasivala isitolo sakhe, okwenze umphakathi wathukuthela wafuna umhlangano noKhansela.
UKhansela uTiza Khoza uthe usitholile isikhalo, nakuba ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko wayengekho endaweni. Uthe uhlela ukubiza umhlangano ngeSonto ntambama njengoba umphakathi usugcizelele ukuthi awufuni ukulinda kuze kufike umhla zingama-30 kuJuni.
UKhoza uphinde wanxusa umphakathi ukuthi uyeke ukuthenga kulezi zitolo okwamanje kuze kube sekubanjwe umhlangano futhi kufinyelelwe esivumelwaneni ngendlela yokuqhubeka nalolu daba.
