IZAKHAMIZI ZASEZAKHENI ZINIKE ABAQASHISE ABOKUFIKA IZINSUKU EZIYISIKHOMBISA UKUTHI BABAXOSHE


Umphakathi waseZakheni unikeze imizi eqashise abantu bokufika izinsuku eziyisikhombisa ukuthi baxoshe iziqashi zabo, njengoba kuqhubeka imashi ekhankasela ukulwa nokufika kwabantu ngokungemthetho.

Lesi simemezelo senziwe ngesikhathi izakhamizi zigubha uSuku Lwentsha lwango-16 Juni ngokuhlanganisa izinkumbulo zentsha yango-1976 nemashi ebihamba emalokishini aseZakheni.

Abanye abebeyinxenye yemashi bebegqoke izimpahla zesikole ukubungaza usuku likaJune 16

Le mashi iqale esigcemeni sakwa-D, yadlula esigcemeni sakwa-C, iphethe ehholo lomphakathi esigcemeni sakwa-B ehholo lomphakathi.

Abanye babebambe iqhaza kule mashi bagqoke imifaniswano yesikole njengophawu lokukhumbula amaqhawe entsha yango-1976 alwela inkululeko nemfundo engcono eNingizimu Afrika.

Abahleli bathi ukuhlanganisa uSuku Lwentsha nale mashi kuhlose ukukhuthaza intsha ukuthi ibambe iqhaza ezindabeni ezithinta umphakathi, okubalwa kuzo amathuba emisebenzi, ukuphepha kanye nokuphathwa kwezindaba zokufuduka kwabantu ngendlela ehambisana nomthetho.

Izakhamizi zaseZakheni ziphethe amabhodi anemilayezo eyehlukahlukene

Le mashi iqhubeke ngokuthula ngaphansi kweso lamaphoyisa nezinhlaka zezokuphepha, njengoba izakhamizi ziqhubeka nokuveza imibono yazo ngezindaba ezithinta umphakathi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved