Ngemuva kwezimvula ezinamandla ezishiye idolobha nezindawo ezakhelene no Mnambithi zikhahlamezekile kulama holidi esibuya kuwona, abesifazane be-African National Congress Woman’s league (ANCWL) eJosiah Gumede Region engxenyeni yase-Alfrend Duma namuhla babe nohlelo lokuhlanza izikole zalapho behlala ngakhona njengoba kuzovulwa izikolwe kusasa, lomkhankaso wenziwe Kuma wadi ahlukene lapha e Alfred Duma.
Umdidiyeli walomkhankaso ongunobhala weANCWL eJosiah Gumede Region ukhansela uThabisile Njoko uthi isinqumo lesi abasithathe njengo RET yeWoman’s league ukuthi ake kube khona okwenziwayo ukulekelela izokole ngoba nesabelo zimali sezikole asenele ukuthi izikole zingakwazi ukuthi ziqashe abantu abazozihlanza.
Kodwa uthi ingqinamba enkulu abebenayo ezikoleni lapho ebebe siza khona amanzi ayimvela kancane, uveze ukuthi kwezinye izikole umonakalo mukhulu ngemva kwalezikhukhula.
uNjoko ucele zonke iziphathimandla nemiphakathi ukuthi njengoba lezimvula zisaqhubeka nokuna nje ucela abazali baqikelele ukuthi abantwana babo bayababheka nsuku zonke uma beya noma bebuya ezikoleni.
Uphinde wayala abantwana abalindele imiphumela yabo kamaTibuletsheni ukuthi uma bengaphumelelanga lisekhona elinye ithuba basenga buyela eskoleni baqhubeke bakhe ikusasa labo.
Kanti laba abazo phumelela abazimisele kakhulu kunakuqala.