OKHAHLAMBA – UMasipala wasoKhahlamba wethule isabelomali esingu-R300 million kumakhansela omkhandlu ukuze asivotele noma asiphikise ngesikhathi somhlangano womkhandlu.
Ngokwemiphumela yokuvota, amakhansela angu-15 avotele ukwamukelwa kwalesi sabelomali, kanti angu-10 asiphikisile.
Amaqembu ahola umkhandlu okubalwa kuwo i-ANC, APEMO kanye ne-NFP avumelene nohlahlo-mali, ethi luzoqhubekisela phambili ukusebenza kukamasipala nokulethwa kwezidingo emphakathini.
Kodwa-ke amaqembu aphikisayo okubalwa i-IFP, EFF kanye ne-DA athe awahambisani nalesi sabelomali ngoba ngokombono wawo asigxilile entuthukweni yomphakathi, kodwa lugxile kakhulu ekukhokheleni abasebenzi namakhansela kuphela.
Usomlomo kamasipala, uKhansela Zamlandela Khumalo, uthe umhlangano uhambe kahle kakhulu futhi amakhansela avote ngokwentando yeningi njengoba kudingwa umthetho.
UMphathi kamasipala, uNksz Nkosingiphile Malinga, naye uthe zonke izinqubo ezifanele zilandelwe ukuze uhlahlo-mali lufinyelele emakhanseleni ngesikhathi. Uphinde wabonga ubuholi kanye namakhansela ngokubambisana ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo ngesabelomali.

