Isibhedlela i-Laverna Private Hospital, esingaphansi kwe-lenmed, sibhekene necala lokusolwa ngobudedengu bezokwelapha kulandela ukushona kowesifazane oneminyaka engu-35, uMandisa Hlophe.
Ngokqe-African Times uHlophe, obeyisisebenzi soMnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natal futhi odabuka e-Ezakheni, wamukelwa esibhedlela ngomhlaka 4 Ephreli 2026 ukuze azale ngokuhlinzwa kwe-C-section.
Kodwa-ke, abameli bomndeni bathi ukuhlinzwa kwenziwa ngendlela engafanele.
Kuthiwa ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuhlinzwa, uHlophe wabuyiselwa egunjini labagula kakhulu (ICU), ngaphambi kokuba ashone, eshiya ingane eyayinezinsuku eziyisishiyagalolunye kuphela izelwe.
Obezokuba ngumkhwenyane wakhe, uMlindi Mnyandu, uthi umndeni uhlose ukufaka isimangalo semali esizobalelwa ezigidini zamarandi ngenxa yokulahlekelwa ngumondli, ikusasa lakhe emsebenzini kahulumeni kanye nobuhlungu obuthinte umndeni wonke.
Ngakolunye uhlangothi, iLenmed Group ithe ayikwazi ukuphawula kabanzi ngalolu daba ngenxa yemithetho ye-POPIA, iNational Health Act kanye nemigomo yokugcinwa kwemfihlo yeziguli.

