Umsunguli wenhlangano i-LACO, uMlungisi Zondi, uthi le nhlangano ayikaze yenze izinto eziphambene nomthetho selokhu yaqala ukuhlela amamashi nemibhikisho ehlukene ezweni.
UZondi uthe yonke imibhikisho yabo yenziwa ngendlela enokuthula futhi ehambisana nomthetho waseNingizimu Afrika. Usola ngokuthi kwesinye isikhathi uhulumeni usuke “ebacuphile” ngokusabalalisa imibiko yokuthi kuzoba nodlame ukuze kuboshwe abaholi bemibhikisho ngaphambi kokuba iqale.
“Ngicela abantu baseSouth Africa bangangeni kulowo mgoga ocushwe uhulumeni. Yonke into esiyenzayo siyenza ngokulandela umthetho futhi asiwalwisi amaphoyisa ngoba nawo ayasebenza. Amanye awo ayasiseka ngezinhliziyo,” kusho uZondi.
Uthe iLACO isivele inqobile ezinkampanini eziningi ngokuthi abantu bokufika bakhishwe emisebenzini kwafakwa abantu baseNingizimu Afrika, ngaphandle kokusebenzisa udlame.
UZondi ugcizelele ukuthi nezinhloso zamanje zingafezwa ngokuthula nangokulandela umthetho, ngaphandle kokuthi kube nodlame noma ukulimala kwabantu.

