.
Sekuzophela ukuqagula ukuthi ingabe ngempela izwe lase Senegal okuyi lona ompetha njenga manje bendebe ye Africa Cup of nations okuyi AFCON ngamafuphi, eqala Namuhla ezweni lase Ivory Coast iyokwazi yini ukuyivikela.
Lomqhudelwano kwakumele udlalwe ngonyaka owendlule phakathi kuka June Kanye no July kodwa ngenxa yesimo sezulu esingesihle Uma kuyi hlobo kushisa ngokweqile kanjalo nezimvula zina ngamandla kuleliyazwe. Akukona okukuqaka ukuthi kuhlehliswe Lomqhudelwano ngesizathi esifanayo njengoba kwenzekile Cameroon ngonyaka Ka 2021.
Izwe elingosokhaya nelagcina ukunqoba le ndebe ngonyaka Ka 2015 liholwa ngu Yaya Toure libhekene nengcindezi yokuthi lenze kahle kulomqhudelwano njengoba lidlalela ekhaya nokuba faka ingcindezi yokuthi bayinqobe Ihlandla lesithathu le ndebe njengoba bayinqoba okokuqala ngqa ngonyaka Ka 1992 ezweni lase Ghana.
Ama Elephants okuyigama abateketiswa ngalo namuhla azovula Lomqhudelwano nezwe lase Guinea_Bissau ngo 10 kusihlwa ngokwesikhathi sangapha.
Ukaputeni weqembu lase Ivory Coast Serge Stephane Aurier uthe bayayiqonda ingcindezi abazobhekana nawo njengabantu abadlalela ekhaya kodwa bazothatha Umdlalo ngamunye, ngamunye,kanti eqoqweni abakulona bakleliswe nezwe lase Equatorial Guinea Kanye ne Nigeria ababili abayoqhwakela phezulu bayondlulela phambili esigabeni esilandelayo bese kuthi abayophuma isithathu emaqoqweni amane kulawa ayisithupha nabo bayothola ithuba lokuthi bendlulele esigabeni esilandelayo.