UNGQONGQOSHE U-ANGIE MOTSHEKGA UTHI UKUBHIKISHA KUSEMTHETHWENI KODWA UMA KWENZIWA NGENDLELA EFANELE


Ungqongqoshe wezokuVikela kuleli, u-Angie Motshekga, usekhumbuze abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ukubhikisha kuyilungelo elivikelwe uMthethosisekelo wezwe.

Lokhu kuza ngemuva komhlangano ophuthumayo kahulumeni mayelana nemibhikisho emelene nabokufika abangekho emthethweni eqhubeka ezingxenyeni ezahlukene zezwe.

UMotshekga uthe abantu banelungelo lokuveza ukukhathazeka kwabo ngezinkinga ezibathintayo, kodwa wagcizelela ukuthi abahleli bemibhikisho kumele bazise iziphathimandla kusenesikhathi, kuqokwe ama-marshals futhi yonke into yenziwe ngokulandela umthetho.

Uphinde waveza ukuthi uhulumeni ukhathazekile ngokwanda kokungena kwabantu ngokungemthetho ezweni, wathi iZimbabwe nayo ayenzi okwanele ukuvimba abantu abangena eNingizimu Afrika ngokungemthetho.

Uthe uhulumeni waseNingizimu Afrika usuqalile izingxoxo namazwe angomakhelwane ngenhloso yokubhekana nale nselelo.

Amazwi akhe afike ngesikhathi abantu abaningi bekhala ngezinkinga okubalwa kuzo ukuntuleka kwemisebenzi, ubugebengu, ukungahlinzekwa kwezidingo kanye nokwanda kwabokufika abangekho emthethweni.

Kodwa amazwi kaMotshekga aphinde avuse imibuzo emphakathini, njengoba ngesikhathi uhulumeni uvuma ukuthi ukubhikisha kusemthethweni, kuphinde kube nezexwayiso zokuthi kungase kusetshenziswe amasosha e-SANDF uma izinto ziphenduka udlame.

Ungqongqoshe ugcizelele ukuthi yonke imibhikisho kufanele ibe nokuthula futhi ingaphenduki udlame noma ukulimala kwempahla.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved