KUBUYE ITHEMBA EMSINGA NGESITESHI SAMAPHOYISA ESISHA


Kunethemba elikhulu emphakathini waseMsinga Top njengoba sekusondele ukuqedwa kwesiteshi samaphoyisa esisha endaweni, lapho sekunesikhathi eside kubikwa khona ukwanda kokwebiwa kwemfuyo.

Ukhansela waseWadi 15, uMthandeni Myeza, uthi umphakathi ubonga inkosi yesizwe sakwaNgubane ngokunikela ngendawo yokwakhiwa kwalesi siteshi.

Uthe lesi siteshi sesiseduze nokuqedwa, kusele ukuqedwa kwemisebenzi ethile yokugcina ngaphambi kokuba sivulwe ngokusemthethweni.

Uveze ukuthi sizoba nobuchwepheshe besimanje futhi sizosiza kakhulu ekulweni nobugebengu, ikakhulukazi ukwebiwa kwemfuyo okukhathaza kakhulu kule ndawo.

UMyeza uthe sekufakwa ugesi kanye nokuxhumana okudingekayo, kanti kulindeleke ukuthi uNdunankulu waseKwaZulu-Natal azosivula ngokusemthethweni uma sesiqediwe.

Uphinde wagcizelela ukuthi lesi siteshi sizoba yingxenye ebalulekile yokubuyisa ukuphepha nokuzethemba emphakathini waseMsinga Top.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved