INDLUNKULU KAZULU IFUNA IZIMPENDULO NGOZIBIZA NGENKOSI YAKWANTOMBELA


INdlunkulu kaZulu isifuna izincazelo ezicacile ngendoda ezibiza ngoNgobamakhosi Ntombela, esisabalele ezinkundleni zokuxhumana ithi isibuyile ukuze ihole ubukhosi bakwaNtombela, kanti ibikade ibhace eSwatini.

Le ndaba isiphenduke indaba enkulu kuleli sonto njengoba le ndoda ithi “okukaKhesari akubuyiselwe kuKhesari”, okuphakamise imibuzo eminingi ngobukhosi bakwaNtombela njengoba inkosi ekhona, uVukani Ntombela, isadla anhlamvana.

UMntwana uThulani Zulu uthe le ndoda kumele ichaze ukuthi ivela kuphi, izalwa ngubani nokuthi uyise wake waba yinkosi yini.

Uthe ngokwesiko lakwaZulu, umuntu uba yinkosi kuphela uma ubukhosi bukhona emndenini noma egcekeni lakubo, hhayi ngokuzimemezela.

“Akusoze kwenzeka ukuthi umuntu avele azibize ngenkosi ngaphandle komlando ocacile wobukhosi,” kusho uMntwana.

Uthe iNdlunkulu izolinda aze aveze ubufakazi obucacile ngaphambi kokuthi kukhulunywe kabanzi ngalolu daba.

Ngakolunye uhlangothi, uMnuz Mfihlo Ntombela, oyinduna yezinsizwa kwaNtombela, uthe umphakathi wakwaNtombela udidekile ngalokho okwenzeka.

Uphikile nokuthi le ndoda ibikade ibhace eSwatini, wathi leyo yindaba abayizwa kuyo uqobo lwayo kuphela.

Uthe kukhona abazame ukukhuluma nayo kodwa yaphendula ngokuthi abantu sebeqala ukuyesaba.

UMfihlo Ntombela uphinde wagcizelela ukuthi ngokwesintu umuntu akamane azivukele athi useyinkosi, ikakhulukazi uma uyise esaphila.

Uthe uyise wale ndoda uyaziwa njengomfundisi kwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni, ngakho kuyamangaza ukuthi indodana yakhe manje iziveza njengenkosi.

Uphinde waveza ukuthi ubukhosi bakwaNtombela bunomlando omude nocacile ongadingi ukuchazwa kabusha.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal awukakaphenduli ngemibuzo ethunyelwe kuwo ngalolu daba.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved