Kuvele imibiko ethi kubonakale amabhasi azolanda abokufika endaweni yaseMtshezi, njengoba sekusele izinsuku ezine kuphela ngaphambi komnqamulajuqu owabekwa yiMeya yaseNkosi Langalibalele, uMnuz Mduduzi Myeza kwabokufika abangenazincwadi wokuthi baphume baphele kuleliyadolobha.
Kuthiwa amanye ala mabhasi abonwe eduze kwesiteshi samaphoyisa, kanti kusolwa ukuthi azothutha abantu baseZambia. Kuphinde kwavela nemibiko ethi inhlangano i-Al-Imdaad nayo ikhiphe ibhasi elizothutha abantu baseMalawi, okuthiwa lizobacoshela endaweni yaseMidway.
Abanye emphakathini bathi sebeyawubona umehluko njengoba sekukhona abantu abaqala ukuhamba.
UMyeza uphinde wavezwa ukuthi kuzomenyezelwa maduze ukuthi izitolo zizovulwa nini, mhlawumbe izinsuku ezimbili, ukuze kulungiswe izindaba zama-laybye

