OMASPALA BAKWAZULU-NATAL BASEBENZISE R268 BILLION NGENDLELA ENGAFANELE


Uhulumeni waseKwaZulu-Natal usuveze ukukhathazeka ngomaspala abakhombisa ukusebenza kabi ngokusetshenziswa kwemali okungagunyaziwe, okungadingekile nokumosayo, njengoba kukhula ukukhathazeka ngokwehla kokuphathwa kahle kwezimali nokwehluleka kokuletha izidingo zomphakathi.

Lokhu kulandela ukukhishwa kombiko weNational Treasury i-Strengthening Municipal Financial Management – MFMA Compliance 2024/25, oveza ukuthi izimali zomasipala sezifika ku-R268.13 billion ezichithwe ngendlela engahambisani nemithetho noma echithwe ngaphandle kwesidingo.

UMnyango wezeziMali eKZN uthi lokhu kuyakhathaza kakhulu njengoba ezinye izifundazwe, kuhlanganisa iKZN, zivezwe njengezinezingozi ezinkulu zokuphathwa kwezimali.

UMnyango uveze ukuthi izindleko zokusebenza isikhathi esengeziwe (overtime) sezidlule u-R316 million, okucindezela kakhulu izabelomali esezivele zikhona ingcindezi.

UNgqongqoshe wezeziMali eKZN, uFrancois Rodgers, uthe le nkinga ayisakwazi ukubekezelelwa, wathi ukungakhokhelwa kwabantu ngendlela efanele kanye nokungaqoqwa kwemali yizinkinga ezinkulu.

Uthe omasipala bakweleta izikweletu ezingama-R74.3 billion, iningi lazo eselidlule izinsuku ezingaphezu kuka-90 lingakhokhelwanga.

Uphinde waveza ukuthi nakuba sekukhona ukuthuthuka okuncane kwezinye izikweletu, omasipala abangu-20 eKZN basabhekene nezinkinga ezinzima zezimali.

Uhulumeni uthi kuzoba nokubhekwa ngokuqinile ukuze kuqinisekiswe ukuphathwa kahle kwezimali, kugwenywe ukuwa kwezinsiza zomphakathi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved