UNQUME UKUZILUNGISELA WONA UMGWAQO UMPHAKATHI WASEROOKDALE


Umphakathi waseRookdale Endala, endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNkomfeni eBergville, ucele ukuzwa kuMeya woMasipala wasoKhahlamba, Vikizitha Mlotshwa, mayelana nokuthi akukho yini ukwesekwa abangakuthola emva kokuthi uzithathele wona isinqumo sokulungisa umgwaqo obunesikhathi eside uhlupha izakhamuzi.

Abantu bendawo bathi sekuyiminyaka behlushwa yilesi simo, ikakhulukazi uma lina njengoba izimoto zigcina zingasakwazi ukuwela ngenxa yesimo esibi somgwaqo nomfula oseduze. Lokhu kuphoqea ukuthi abanye abantu bacelele izimoto zabo kweminye imizi ngenxa yokuthi akuhambeki emgwaqeni.

Izinsizwa zakule ndawo zibe sezihlanganisa imali ephuma emaphaketheni azo ukuze kuqalwe umsebenzi wokulungisa lo mgwaqo ngenhloso yokusiza umphakathi,

“Okwamanje sizama ukwenza umehluko ngoba besingasakwazi ukubuka abantu behlupheka. Kodwa sicela ukuzwa ukuthi uMasipala awukho yini umzamo noma usizo ongasihlangabeza ngalo kulokhu esesikwenzile,” kusho omunye wabaholi bendawo.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved