Kushiswe izigugula zosonkontileka obephethe umsebenzi wokwakha imigwaqo endaweni yakwaHlathi, umsebenzi okuthiwa awukaze uqale ngokuphelele.
Kubikwa ukuthi imigwaqo uP361, D1290 kanye noD872 sekunesikhathi eside ibhekene nezinkinga, kanti umsebenzi wokuyilungisa umile.
Abanye babasebenzi bathi ukusebenza kumisiwe ngenxa yokuthi usonkontileka akakakhokhelwa imali yakhe umnyango kahulumeni.
Intukuthelo yomphakathi wezindawo ezakhele iNdaka iza ngemuva kwemibhikisho eqhubekayo yamanzi kulezi zindawo. Abanye abahlali bathi sebekhathele izethembiso ezingafezeki futhi bakhala ngokuthi bahlale betshelwa izinto ezingagcini ngokwenzeka.
Kuze kube manje akukacaci ukuthi ngubani oshise lezi zigugula, kanti amaphoyisa kulindeleke ukuthi aphenye ngalesi sigameko

