Inhlangano elwisana nabakuleli ngokungekho emthethweni iMarch And March izobe iseMnambithi e-Illing Road ngoLwesihlanu.
Ngokusho kuka Pretty Mbuyisa, onguCoordinator weMarch and March eMnambithi, lenhlangano izoba nomkhankaso wokuhlanza ku-Illing Road ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Immigration Office, LED kanye noMnyango Wezabasebenzi (Labour).

Unxusa umphakathi ukuthi uhlanganyele nabo njengoba besebenzela ukwenza idolobha lihlanzeke futhi liphephe kubo bonke abantu.

