UMengameni nomsunguli weqembu leNational Peoples Ambassadors iNPA ngamafuphi, uNathi Mthethwa uthi usehamba noMkhonto Wesizwe kodwa akayilaxazile inhlangano yakhe iNPA.
iNPA yiqembu lezepolitiki elizinze esifundeni Uthukela KwaZulu-Natal elasungulwa ngonyaka ka 2015 lisungulwa nguye uMthethwa nabanye ayebambisene nabo. Leliqembu lakwazi ukuthola isihlalo esisodwa kuMaspala i-Alfred Duma okhethweni lwasekhaya lwango 2021.
Ekhuluma emsakazweni iNqubeko FM uMthethwa uthe kuyiqiniso ukuthi usejoyine uMkhonto Wesizwe, futhi nakanjani yena nabalandeli neNPA bazovotela leliqembu elisha elingundabuzekwayo kulezi zinsuku okhethwei lwalonyaka. Umthethwa uthi lokhu akusho ukuthi iqembu lakhe iNPA ligwinywa yiMK, ” Besivele singeke silungenele vele ukhetho lukazwelonke, ukusungulwa kweMK sekusenze saba nekhaya elisha esizolivotela kuzwelonke, futhi lokhu kuzosisiza kakhulu ekutheni sigxile ezinkingeni ezibhekene nomphakathi wasoThukela” kusho uMthethwa.
LoMholi uthe uzoqhubeka abe ngumholi weNPA futhi leliqembu lizongenela ukhetho lwasemakhaya olulandelayo njenge NPA.