Lowo owalahlwa yicala lokubulala nowayengumsubathi wama-Olympics namaParalympics, u-Oscar Pistorius uzophuma ejele ngoLwesihlanu njengoba uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uqinisekise ukukhululwa kwakhe ngoshwele kusukela ngoJanuwari 5.
UPistorius wagqunywa ejele ngokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp eminyakeni engu-10 eyedlule ngobusuku boSuku lweValentine ngo-2013.
I-DCS ithe uPistorius uzogadwa kuze kuphele isigwebo sakhe ngo-2029.
Njengengxenye yemibandela kashwele, umsolwa oneminyaka engu-37 kulindeleke ukuthi abe sekhaya ngesikhathi esithile futhi angabuphuzi utshwala kuze kuba kuphela isigwebo sakhe.
UPistorius uzobe ehlala kwamalume wakhe ePitoli, ngokusho kwephephandaba iThe Pretoria News.
I-DCS ithe imininingwane yokuhamba kwakhe esuka e-Atteridgeville Correctional Centre eTshwane izogcinwa iyimfihlo ngenxa yezizathu zokuphepha.
Ibhodi likashwele selikhiphe uhlu “lwezinye izinhlelo” okuyimpoqo ukuthi uPistorius azihambele.
“UMnyango Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo uyaqinisekisa ukuthi isinqumo esathathwa yiBhodi Lokuqondisa Izigwegwe kanye NeParole Board (CSPB) ngoNovemba 24, 2023 sokukhipha isiboshwa u-Oscar Pistorius ngeparole, kusukela ngoJanuwari 5, 2024, sisemthethweni.
“Njengabanye abakhululwa ngoshwele, uPistorius uvinjelwe ukwenza inhlolokhono yabezindaba,” kusho i-DCS.
UPistorius ugqunywe ejele kusukela ngasekupheleni kuka-2014 watholwa enecala lokubulala wagwetshwa iminyaka engu-13 nezinyanga ezinhlanu.
Owake wazuza indondo yegolide wadubula uSteenkamp amahlandla amaningi ngesibhamu sakhe esinelayisensi i-9mm ngesikhathi esendlini yokugezela emzini wabo ePitoli.
Ithimba lakhe labameli litshele i-AFP ukuthi banethemba lokuthi uPistorius uzodedelwa ngoKhisimusi.