UMeya kaMasipala i-Inkosi Langalibalele Local Municipality, Mduduzi Myeza, uthi abahwebi bokufika abaseMtshezi banikwe izinsuku ezingama-21 ukuthi balungise amaphepha abo asemthethweni noma babhekane nezinyathelo zomthetho.
UMeya uveze lokhu emhlanganweni obubanjwe nabahwebi bokufika, lapho bekubuyekezwa khona isimo kulandela ukuvalwa kwezitolo zabo ngesikhathi semashi mhla zingama-24 kuMbasa. Uthe bonke abahwebi abasebenza ngaphansi kukamasipala kumele balandele imithetho nezimiso ezikhona.
UMyeza uphinde waphakamisa ukukhathazeka ngokusetshenziswa kwezimvume ezifana ne-asylum seeker permits kanye ne-refugee permits, ethi ezinye izakhamuzi zisebenzisa lezi zimvume ukuqhuba amabhizinisi, okuyinto edale ukudideka.

Uthe abanye babahwebi bavale izitolo zabo ngenxa yokwesaba ukuphepha, kodwa wababuza ukuthi kungani bengabuyeli emazweni abo uma besaba ukuhlala eNingizimu Afrika.
Ngokwehhovisi likameya, ngemva kwezinsuku ezingama-21 kuzothathwa izinyathelo ezifanele ngokuhambisana nomthetho kanye nokubambisana nezinye izinhlaka zikahulumeni.
UMeya uthe inhloso enkulu wukubeka phambili izakhamuzi zakuleli kanye nokulungisa isimo sedolobha ngendlela ehambisana nomthetho.

