UMHLANGANO WAKWA MABHALONINI UPHUME NEZIXAZULULO ZENKINGA YAMANZI


Namhlanje kube nomhlangano obalulekile phakathi komphakathi wakwaWard 23 eMabhalonini ngaphansi kobuholi bukaKhansela Mvelase noMaspala iNkosi Langalibalele.

Lo mhlangano ulandela umbhikisho wangesonto eledlule lapho umphakathi wavala umgwaqo ukhombisa ukungagculiseki ngokungatholakali kwamanzi. Umhlangano unikeze ithuba lokuthi izakhamuzi ziveze izikhalo nezimfuno zazo, kanti zaphuma ngobuningi bazo ukuzobamba iqhaza.

Kule ngxoxo, izinhlangothi zombili zikwazile ukuvumelana ngezinyathelo nezixazululo ezizothathwa ukubhekana nale nkinga. Abaholi bathembise ukuthi konke okuvunyelwene ngakho kuzolandelwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi izithembiso ziyagcwaliseka.

Abaholi babonge umphakathi ngokubambisana nokuba nesineke, begcizelela ukuthi intuthuko izofezeka ngokusebenza ndawonye.

Umphakathi ukhuthazwe ukuthi uqhubeke nokusebenzisana nohulumeni wendawo ukuze kuthuthukiswe izinsiza futhi kube nempilo engcono kubo bonke abantu baseNkosi Langalibalele.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved