UMKHULU WASEMBUZWENI UFISA UKUHLANGANA NOMEYA UZAMA SIBISI NGODABA LWEKHAYA LAKHE


Umkhulu Bheki Leonard Mazibuko oneminyaka engu-80 waseDark City eMbuzweni ngaphansi kukaWard 15, uthi unesifiso sokuhlangana neMeya kaMasipala wase-Alfred Duma Local Municipality, Zama Sibisi.

Umkhulu Mazibuko, ohlala yedwa, uthi wadilikelwa umuzi wakhe ngesikhathi sezimvula zangonyaka odlule futhi kusukela lapho impilo yakhe isibe nzima.

Ucele ikhansela lendawo, Xolani Kubheka, ukuthi limsize limxhumanise neMeya ukuze akwazi ukubikela ubuhlungu nesimo sakhe mathupha.

Umkhulu uthi isifiso sakhe esikhulu ukuthi ngaphambi kokuba ahambe emhlabeni, abe esenendawo ephephile yokuhlala njengoba esemdala, engenamandla okwakha futhi engasaphili kahle.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved