ULAHLWE ELAKUBO EBANJWA NEZIDAKAMIZWA EZINGABIZA U-R32 000 EMNAMBITHI


Owesilisa, 27, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi kulandela umkhankaso oyimpumelelo owenziwe ngamalungu ethimba lasoThukela District Task Team.

Umsolwa oboshwe enkabeni yedolobha laseMnambithi ngemuva kokuthi amaphoyisa, abekade ejutshwe ngobuchule, ebambe imoto yakhe ngesikhathi emlandela. Amaphoyisa asola ukuthi lo mlisa ubesendleleni eyohlinzeka ngezidakamizwa kulabo abamdayiselayo ngaphakathi enkabeni yedolobha umnambithi ngesikhathi amaphoyisa emvimba.

Ngesikhathi eboshwa, amaphoyisa athole amaphilisi angu-802 okusolakala ukuthi yi-heroin, kanye nesamba semali okukholakala ukuthi yimali etholakale ngokudayisa izidakamizwa. Imoto yomsolwa iphinde yaboshwa njengengxenye yophenyo.

lomlisa utholakale nezidakamizwa zenani elibalelwa ku-R32,000.


Uthukela Times All Rights Reserved