IMeya yaseNkandla uCllr NFJ Nzuza osukwini lwanamhlanje ihambisana noSomlomo, iMeneja kaMasipala,abaQondisi , amaKhansela kanye nabasebenzi abangaphansi kohlelo lwama EPWP bakhuthaze ukuhlanzeka kwedolobha laseNkandla nezindawo ezilakhele. UMnyango wakwa Economic Development, Tourism and Environmental Affairs kanye neZemvelo Wildlife bebekhona kulomkhankaso.
Ekhuluma uMeya uncome kakhulu abasebenzi nabaphathi babo okuyibona ababheke ukuhlanzeka kwedolobha usuku nosuku ngokuzimisela kwabo, uveze nokuthi lelidolobha like layithatha indondo yokuhlanzeka phambilini wathi uyafisa ukuthi umdlalo omuhle uphinde futhi.

