I-National Prosecuting Authority (NPA),ithi iyasemukela isigwebo seminyaka ewu-35 esikhishwe yiNkantolo yesiFunda ePinetown igweba uMthobisi Shozi oneminyaka engu-21 ubudala ,uBrian Tyrone Charles oneminyaka engu25 ubudala noSibonelo Mkhulisi oneminyaka engu 24 noLebohang Magwaza oneminyaka engu 24 ubudala.
Bonke balahlwe wuxhaxha lwamacala okubamba inkunzi ngesihluku, wukuthumba, nokuzama ukubamba inkunzi lapho ababehamba begebenga khona izikole ezehlukene ePinetown ngoFebruary 2023.Ubufakazi obuvezwe phambi kwenkantolo buveza ukuthi abamangalelwa babevakashela izikole bezenza abantu abafuna ukuxhasa ngokunikela.
Uma beke bangena ngaphakathi bese beyashintsha besabise abasebenzi ngezibhamu bebakhuthuze amaselula nama-laptop. Esigamekweni esisodwa bagebenga umfundi. Babeqeda ukwenza lokhu bese beshaya utshani.UShozi ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngecala ngalinye kwawu-14 okubamba inkunzi ngesihluku, iminyaka ewu-5 ngecala ngalinye kwamahlanu okuthumba neminyaka ewu-5 ngecala ngalinye kwamabili okuzama ukubamba inkunzi. Ezinye izigwebo uzozidonsa kanye kanye nokuxhaza iminyaka ewu-35.
UCharles ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngecala ngalinye kwawu-15 okubamba inkunzi ngesihluku, iminyaka emihlanu ngecala ngalinye kwamahlanu okuthumba neminyaka emihlanu ngecala ngalinye kwamabili okuzama ukubamba inkunzi. Izigwebo uzozidonsa kanye kanye nokuchaza ukuthi kuzoba iminyaka ewu-35.UMkhulisi ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngecala galinye kwangiu-8 okubamba inkunzi ngesihluku. , iminyaka emihlanu ngecala ngalinye kwamahlanu okuthumba neminyaka emihlanu ngecala ngalinye kwamahlanu okuzama ukubamba inkunzi.
Ezinye izigwebo uzozidonsa kanyekanye nokuchaza iminyaka ewu-35.UMagwaza ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngecala ngalinye kwangu-9 okubamba inkunzi ngesihluku, iminyaka emihlanu ngecala ngalinye kwamahlanu okuthumba neminyaka emihlanu ngecala ngalinye kwamahlanu okuzama ukubamba inkunzi.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority uthi iNPA iyasemukela isigwebo futhi inethemba lokuthi sizoxwayisa nabanye.
