Kukhulu ukhathazeka kubantu baseNingizimu afrika,ngezivivinyo zokuphela konyaka, kulandela ukuthi uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ememezele umhla zingu 4 ku November 2026 njengosuku lokubanjwa kokhetho lohulumeni bezindawo.
Kanti futhi lolusuku luqondana nesikhathi sokubhalwa kwezivivinyo zikamatikuletsheni, nosekuvuse imibuzo ngokuthi uhulumeni uzohlela kanjani.
Lokhu,kukhathazeka kuzanjengoba izikole eziningi zisetshenziswa njengezikhungo zokuvota ezifundaweni ezahlukene kuleli nokuvuse imibuzo ngokuthi yiziphi izikhungo ezizosetshenziselwa ukuvota nokubala amavoti nakuba uNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu kuzwelonke uMnu Velenkosini Hlabisa kubikwa ukuthi uthe baxoxisene noMnyango wezemfundo eyisisekelo ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo somhlaka 4 kuLwezi.

