UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uThamsanqa Ntuli, usigxeke kakhulu isigameko sokubulawa ngesihluku kwephoyisa eThekwini, esigamekweni sokudubula esinodlame esenzeke izolo.
lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngesikhathi amaphoyisa ephindisela kubasolwa abebehlomile, nesishiye nelinye iphoyisa elimele endaweni yase-Mount Edgecomb
UNdunankulu uzwakalise ukudabuka okukhulu ngokulahlekelwa yilungu elizinikele loMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika futhi wedlulisa amazwi enduduzo emndenini, ozakwabo, kanye nabathandekayo bephoyisa elidlulile emhlabeni
Uphinde wanxusa imiphakathi ukuthi isebenzisane nezinhlaka zomthetho ngokuhlinzeka ngolwazi olungasiza ophenyweni nasekubanjweni ngokushesha kwalabo abathintekayo.

