AKHIHLE ISILILO EVAKASHELWA NGUNDUNANKUKU AMALUNGU OMNDENI WABAYISIKHOMBISA ABABULEWE


Kube nesimo esibuhlungu ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ehambele umndeni wakwaMonswamy ohlangabezane nesigameko esesabekayo sokulahlekelwa amalunga awo ayisikhombisa ngenxa yokubulawa ngesihluku.

Kubikwa ukuthi laba bantu abayisikhombisa bathunjwa eMandeni, bathathwa bayiswa eMelmoth lapho bafike babulawa khona ngesihluku esikhulu. Phakathi kwabo kukhona abesifazane abane nabesilisa abathathu.

UNdunankulu uveze ukudabuka okukhulu ngalesi sigameko, wanxusa umndeni kanye nomphakathi ukuthi baqine kulesi sikhathi esinzima. Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokulwa nobugebengu obunjalo obuhlukumeza imindeni emphakathini.

Kuphinde kwaqinisekiswa ukuthi abasolwa kulobu bugebengu sebeboshiwe, kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.

Iziphathimandla zithi uphenyo luyaqhubeka ukuze kuqinisekiswe ukuthi ubulungiswa buyenzeka kubo bonke abathintekile.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved