UMENGAMELI WETHULE UHLELO LOKUNXEPHEZELA IZISULU EZALAHLEKELWA IMIZI NGESIKHATHI SODLAME NGAMA 80’S NANGAMA 90’S


UMENGAMELI WETHULE UHLELO LOKUNXEPHEZELA IZISULU EZALAHLEKELWA IMIZI NGESIKHATHI SODLAME NGAMA 80’S NANGAMA 90’S

Kwethulwe uhlelo lokunxephezela izisulu ezalahlekelwa amakhaya azo ngodlame lwangama 80’s nangama 90’s olwaziwa ngeTruth and Reconciliation Commission housing assistance reparations nolwenziwa uDepartment of Justice, loluhlelo belubanjelwe eSonkombo Sportsfeild eNdwedwe manhlanje,

Ekhuluma kulomcimbi UMongameli Cyril Ramaphosa ukuqinisekisile ukuzibophezela kukahulumeni ekuletheni usizo lwezindlu kulabo abahlungwe yiKhomishana Yeqiniso Nokubuyisana okuyi Truth and Reconciliation commission. Wathi lolu hlelo luyisinyathelo esibalulekile ekutheni abantu bathole ubulungiswa ngenxa yobandlululo baphinde babuyelwe isithunzi labo abahlukunyezwa baphucwa namalungelo abo.

UMeya waseNdwedwe uKhansela Samuel Mfeka,ube esethola nethuba lokucelela abantu baseNdwedwe intuthuko kuMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa,okungamanzi, imigwaqo, izindlu namathuba omsebenzi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved