Amalunga omphakathi ase Acaciavale anqume ukubamba imashi ebeyinokuthula aqonda ngqo ngaphandle kwamahhovisi omkhandlu uThukela, lomphakathi obuthukuthele uveva uFuna izimpendulo ngenkinga yamanzi osekuphele amaviki angaphumi ezimpopini.
UManenja womkhandlu uThukela u Mnu Mpumelelo Mguni ephendule umphakathi obumashele emahhovisi izolo uthe yebo inkinga yamanzi ikhona kodwa bengu mkhandlu bayayilungulisa, ube esebonga umphakathi wase Acaciavale ngokubambisana wathembisa ukuthi izolunga inkinga yamanzi ababathembe
Kanti nendawo yase Tsakane nayo ikhala isililo esifanayo njengoba loya mphakathi uthi sekuphele iviki lonke ungenamanzi. Izakhamizi zakulendawo zikhala ngikuthi uThukela aluzixaki ngokuthi lubazise uma kunenkinga ekhona.
.