KULINDELEKE UKUTHI KUNYUKE KAKHULU UKUDLA KULELI ZINGAKAPHELI IZINYANGA EZINTATHU


Ochwepheshe bezimakethe baxwayisa ngokuthi iNingizimu Afrika ibhekene nokukhuphuka kwamanani okudla ezinyangeni ezizayo ngenxa yokwenyuka kwamanani kaphethiloli. Kuthiwa imiphumela izoqala ukubonakala phakathi kwenyanga eyodwa kuya kwezintathu njengoba izindleko zokuthutha zidluliselwa kubathengi.

UCasey Sprake uthi abathengisi bacindezelekile ngoba abakwazi ukukhuphula amanani kakhulu njengoba abantu sebevele bebhekene nobunzima bezomnotho. Ngenxa yokuthi izitimela azisebenzi kahle, izimpahla zithuthwa kakhulu ngemigwaqo, okwenza ukudla okufana nesinkwa, imifino kanye nenkukhu kuthinteke kakhulu.

UPaul Makube uthi imikhiqizo efana nommbila, ukolweni kanye ne-sunflower izoqala ukukhuphuka kuqala, kulandele izithelo, imifino nenyama.

Ochwepheshe bathi uma amanani kaphethiloli engawehlisi, izitolo zizophoqeleka ukukhuphula amanani okudla, okungaholela enkingeni enkulu yokuphepha kokudla ezweni.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved