INkantolo ephakeme iNorth Gauteng yathola ukuthi isenzo sika Mengameli Cyril Ramaphosa sasingekho emthethweni futhi akaphelelisanga imithetho nemigudu efanele ngesikhathi egunyaza isilo samazulu.
Ihhovisi likaMengameli lithi uMengameli usifundile isinqumo senkantalo ephakeme iNorth Gauteng court eyalele uMengameli ukuba asungule ikomidi elizophenya ngezinsolo zokuphula komthetho wabaholI bendabuko mhla kuqokwa isilo uMisuzulu kaZwelithini. Ihhovisi lithi njengoba uMengameli ekhethe ukusiphosela inselelo lesinqumo ingonyama yamaZulu izoqhubeka nokuba yisilosamaZulu.
UMengameli ube esenxusa indlunkulu ukuba baqhubeke nobumbano ibeke phambili isizwe sengonyama ukuze kungaphazamiseki ukusebenza komthetho futhi kungaqubuki udungunyane.