Njalo ngesikhathi salonyaka kuba negidigidi kubathandi bomsakazo njengoba kuyisikhathi lapho imisakazo eminingi isuke yenza ushintsho. Abantu abathanda imisakazo kanye namaziko ezindaba ehlukene asuke eqagula ukuthi ngabe uluphi ushintsho absola noma abangathanda lwenzeke ezinhlelweni abazithandayo.
Emsakazweni Ukhozi kunomoyana wokuthi kuzoba noshintsho olukhulu ezinhlelweni ezibalulekile zalomsakazo. Kunezinkolelo zokuthi uDJ Sgqemeza owenza uhlelo lwasekuseni kulomsakazo kungenzeka angabuyi emoyeni. Uzokhumbula ukuthi nasekhalendeni loKhozi lalonyaka akazange abe khona, nokwathi uma abantu beshaya amakhala naye akangakwazi ukuchaza ukuthi kungani engaveli.
Osbhinca makhasana bathi, uma ehamba kungenzeka indawo yakhe ithathwe uFelix Hlophe owenza uhlelo lwasekuseni njengamanje kuGagasi FM. UHlophe yena ubengakasho lutho ngalokhu kodwa uke wabhala imiyalezo edidayo ezinkundleni zokuxhumana, nokuyinto athandayo ukuyenza ngalesi sikhathi salonyaka. kubuye kuvele negama likaVee Mthembu owenza uhlelo lwantambama njengamanje emsakazweni womphakathi iJozi Fm.
Kuthiwa uNongcebo Mckenzie kungenzeka abuye kulomsakazo, kanti abanye bamuyamanisa nohlelo iJabulujule olwenziwa uDudu Khoza njengamanje, okubikwa ukuthi usazoqhubeka alwenze loluhlelo kodwa izinsuku izintathu kuphela evikini.
Omunye ovelayo uKini Shandu okuthiwa kungenzeka ajoyine uhlelo iDankie 12to3 njengamanje owenziwa uKing Sifiso noZimdollar. Akucaci ukuthi kuzikwenzekani ngabasakazi abenza loluhlelo njengamanje.
Kanti lapha kuGagaai FM, zikhona izinsolo zokuthi kungenzeka lupike inkakha enguLinda Sibiya ohlelweni lasekuseni uma kungukuthi ngempela uFelix uyahamba. Uzokhumbula ukuthi ngamahilide kaDisemba uSibiya ubengamathe nolimi neGagasi FM, waze wahlukanisa unyaka khona.
Okunye okuvelayo, kuthiwa uKhaya mthethwa owenza iMidday Conexion noDJ Sonic uyashiya kulomsakazo, okwenza kube nemibuzo yokuthi luzokwenzekani kuloluhlelo. Zikhona ke nezindaba zokuthi kungeneka uSonic avumbuke ohlelweni lwasekuseni.
Ekugcineni awukho umsakazo osakhiphe izitatimende uqinisekisa konke lokhu, konke sekuyocaca ngomhla ka 1 April lapho kuyobe kushintsha khona izinhlelo.

