KUJABULE IMINDENI KUVELA IVIDEO ECACISA AMANGA AMAPHOYISA NGOKUDUBULA KUQALA KWABABULAWA


Imindeni yabesilisa abane abadutshulwa babulawa ngamaphoyisa emgwaqweni uDumisani Makhaye, KwaMashu, ngoMashi 20, 2025, ithi ayiphezi ukubonga umuntu owaqopha i-video yabathintekayo ngesikhathi belaliswe phansi ngaphambi kokuba badutshulwe.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) iveze ukuthi isiphothule uphenyo lwayo, yathola amaphoyisa athintekayo enecala, yadlulisa udaba ehhovisi lomqondisi wezokuShushiswa koMphakathi (NPA) KwaZulu-Natal ukuze kuthathwe isinqumo.

Abashonile kubalwa uNathi Biyela (40), uNicolas Biyela (41), uSanele Ntuli (25) noNhlakanipho Ntuli (31).

Ngemuva kwesigameko, amaphoyisa ayethe laba abane babesolwa ngokuphanga, ukubulala nokufuna imali yokuvikela ngodli, nokuthi badubule kuqala. Nokho, i-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana yakhombisa ukuthi babemile, behla emotweni, baze balala phansi belalela umyalelo.

Isihlobo somndeni sithe i-video yaveza iqiniso, yaphikisa izinsolo zamaphoyisa. Sathi i-Ipid yabazisa ngoDisemba ukuthi uphenyo luphothuliwe nokuthi ababulawa babengathinteki kulawo macala.

Imindeni manje ilindele isinqumo se-NPA, igcizelela ukuthi ifuna ubulungiswa ngezihlobo “ezabulawelwa into engekho”.


Uthukela Times All Rights Reserved