Ayaziwa kuze kube I manje imbangela yomlilo ogqogqise umuzi wakwandukuya eShayamoya endaweni yase (Mbulwane) eMnambithi njengoba kumanje besashayisana ngamakhanda bengazi ukuthi bathatheni behlanganise nani, ngemva kwesehlo sayizolo kusihlwa.
Kubikwa ukuthi umlilo uqale kuyoshaya ihora lesishayangalolunye ebusuku ngo msombuluko ekamelweni lokulala wase usabalala indlu yonke okuyindlu enamagumbi ayi sthupha esewonke. Kanti awugcinanga lapho njengoba lomlilo ugcine sewukapakela nasendlini yotshani.
Okhulumela umndeni UMnumzane Nhlanhla Ndukuya, uthi kumanje basazibuza bayaziphendula ukuthi ingabe ngampela imbangela yomlilo ngabe uqalwe yini njengoba bona bebekade bengashiye lutho oluvuthayo noma olungasusa umlilo.
uNdukuya uqhube wathi, kulendlu ekuqubuke kuyona umlilo bekukhona izingane zakhe ezintathu kanye nabazukulu kodwa ayikho elimele.
UMnimzane Ndukunya uthi usale nalezimpahla abezigqokile kuphela njengoba kwenzeka lesisehlo yena ekwa Makhelwane.
Ikhansela le ndawo uKhansela Nathi Sithole waku ward 9,obekhona naye endaweni yesihlakalo uthi sebenqonqozile kule mnyango okumele ilule isandla kulesi simo okubhekanwe naso. Abezicisha mlilo nabo bagcine befikile kodwa umphakathi bese uwubhulile umlilo njengoba indlu enkulu bese beyicishile kusele eyesizulu kuphela bona base belekelela khona ekutheni kunqontshwe lomlilo.
Abomndeni banxusa noma ngabe ubani ongaba nosizo kulesi simo ukuba alule isandla nanoma ngayiphi indlela njengoba kuyi manje bengazi nokuthi bazothathani behlanganise nani.