NgoLwesine kuboshwe izelamani ezimbili kulandela umkhankaso wamaphoyisa eMzinto, lapho zisolwa ngokuhlukumeza umphakathi wakule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa athole aphinde akhipha incwadi egunyaza ukuthi baseshwe ngaphambi kokuba abophe abasolwa.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, umsolwa wokuqala, 41, utholwe nesibhamu sifihlwe ngaphansi kwesihlalo somshayeli emotweni yakhe. Kuthe kuseshwa ekamelweni lakhe kutholwe izinhlamvu ezingu-46 zezinhlobo ezahlukene okubalwa kuzo isibhamu sohlobo lwe-R5 nezinhlamvu ze-shotgun, nesinye isibhamu nozankosi abakhishwe ngamaphoyisa.
Umsolwa wesibili utholwe nezidakamizwa, kuphinde kuthungathwa egumbini lakhe lokulala kuholele ekutheni kutholwe ezinye izidakamizwa, isibhamu, izinhlamvu kanye nesamba semali esingadalulwanga okukholakala ukuthi ngezobugebengu.
Bobabili abasolwa kulindeleke ukuthi babhekane namacala amaningi njengoba uphenyo lusaqhubeka.

