UMasipala Wesifunda saseThukela wamukele ukunikezelwa kwamathangi amanzi ayi-10, ngalinye linomthamo wamalitha ayi-5 000, anikelwe nguMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko KwaZulu-Natali (COGTA).
Ukudluliselwa kwenzeke emahhovisi kaMasipala Wesifunda saseThukela njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokwenza kune lula ukulethwa kwamanzi emphakathini, ikakhulukazi emiphakathini ebhekene nezinselelo zokuhlinzekwa kwamanzi.
Umcimbi ubuhanjelwe yiMeya Yesifunda saseThukela, iNkosi N.B. Shabalala, uSomlomo, amakhansela, umphathi kamasipala, izikhulu zikamasipala kanye nabanye abathintekayo. Ekhuluma kulo mcimbi, uMeya uShabalala uthe amathangi amanzi azosiza ngokugcinwa nokusatshalaliswa kwamanzi okuphuthumayo ngesikhathi kuqhubeka izixazululo zengqalasizinda yamanzi yesikhathi eside. Uphinde wanxusa imiphakathi ukuthi inakekele ingqalasizinda ukuze izizuzise yona.

