KUBOSHWE ODABUKA ENIGERIA EBANJWA NEZIDAKAMIZA EZINGABIZA R1 MILLION ETHEKWINI


Amaphoyisa ashaqe izidakamizwa zenani elilinganiselwa ku-R1 million emkhankasweni wophiko lwezobunhloli eThekwini izolo ntambama. Lokhu kugasela kwenziwe yi-Metro Police Tactical Support Unit kanye nethimba leSAPS KZN Counter Narcotics.

Kuboshwe owesilisa waseNigeria ngezinsolo zokudayisa izidakamizwa. Amaphoyisa athi agasele ezindaweni ezimbili eziyamaniswa nalomlisa, eyodwa iseGreenwood Park kanti enye iseGlen Ashley.

Ngesikhathi amaphoyisa eqhuba lo mkhankaso athole i-crack cocaine, i-pure cocaine, amathuluzi okwenza izidakamizwa nemali elinganiselwa ku-R60 000. Iziphathimandla zikuqinisekisile ukuthi umsolwa wake waboshwa yilona leli thimba ngo-2025 ngaphambilini mayelana nezidakamizwa zenani lika-R400 000. Uphenyo lusaqhubeka.


Uthukela Times All Rights Reserved