Ukhala ezimathonsi umphakathi wakuMaspala i-Alfred Duma kuward 34 endaweni yaseTholeni ngenxa yogesi ovele uhambe nje kungonakele lutho.
Lomphakathi ucela uMaspala kanye nenkampani ephakela ugesi u-Eskom bangenelele enkingeni yeminyaka ababhekene nayo. Logesi kuthiwa wala nje ukuthi kuphephethe umoyana nje omncane ube usuhambile njalo mhlawumbe usuyoze ubuye ngakusasa.
Elinye ilungu lalomphakathi lithi selicabanga ngisho ukuthutha kulendawo ngenxa yalesi simo,”Uyabona nje mfwethu, ugesi walapha awulindi nokuthi lize lidume izulu ngaphambi kokuthi uhambe, uma like laconsa nje kabili kathathu ubona sekuthi nyampu izibani kucima. Cabanga ke ngoba uhamba nje kuseza nalokhu kucinywa okwaziwa ngokuthi yiload shedding. Kuyacaca nje ukuthi thina asinagesi nhlobo. Mina impela uma ngingathola amandla, ngingathutha ngiye kwenye indawo.” Kusho lensizwa ebibonakala ukuthi inengekile.
Abantu abakhele lendawo bathi kuzobanzima kakhulu ke njengoba kwethwasa ihlobo nje ngoba izulu lisazona kakhulu. Basola ukuthi kungenzeka ukuthi kunenkinga kwizigujana ezisabalalisa ugesi endaweni okwenza ugesi ucime uma like lathi ukuyishaya.
Bacela ukuthi u-Eskom athi ukubabhekela ukuthi konakelephi zingakafiki nje izimvula ezinkulu