INkantolo yeMantshi eStanderton igwebe uSipho Prince Tshabalala oneminyaka engu 46 udilikajele ngemuva kokutholakala enecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-36 ubudala kabili ngoMashi 2022.
UTshabalala walandela lo wesifazane ngesikhathi eya ekhaya, wamudonsela emzini wakhe wamdlwengula. Waphinde wamdlwengula ebe esemsabisa ngesikhali esicijile.
Uphiko lwezokushushisa iNPA iveze ukuthi uTshabalala ungumuntu oseke walahlwa yicala lokudlwengula, wagwetshwa iminyaka engu-10 ebhadla ejele.
Uphinde wayalelwa ukuba afakwe ohlwini lukazwelonke lwabenza amacala ocansi.
