Kusizwe abagibeli bebhasi eliginqike emgwaqweni u-N3 ngaseNew England Road, eThekwini. Balinganiselwa ku-28 abantu abebegibele, abanye babo baphuthunyiswe ezibhedlela kanti abanye bathola usizo endaweni yesigameko.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi abekho abantu okubikwe ukuthi bashonile. Umgwaqo u-N3 uke wathi ukuvalwa kule ndawo ngesikhathi abezimo eziphuthumayo besebenza.
