Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aqalise umkhankaso wokuthungatha abasolwa abadubule babulala uLieutenant Colonel obengumphathi wesiteshi samaphoyisa eGreytown, kwalimala nelinye iphoyisa ngoLwesine ntambama.
Kuthiwa umphathi ubesebenzisana namanye amaphoyisa ngesikhathi ephendula umbiko wokubanjwa inkunzi kwesitolo. Abasolwa ababalelwa kwabayishumi babaleke ngemoto yohlobo lweToyota Quantum, amaphoyisa nonogada abazimele babalandela baze babathola emgwaqweni u-R33 obheke eMsinga.
Kuqubuke ukudubulana, kwashona umphathi wesiteshi kwathi usayitsheni wadutshulwa engalweni walaliswa esibhedlela. Abasolwa ababili badutshulwe bashona, oyedwa walimala waboshwa waphuthunyiswa esibhedlela egadwe ngamaphoyisa.
Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu, okubalwa kuzo ezimbili ezinkulu nesibhamu esincane. Abanye abasolwa babaleke bangena ezintabeni.
Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makoba, lithembise ukuthi amaphoyisa azoqhubeka nokubathungatha kuze kutholakale abathintekayo.
