Umnyango Wezempilo esifundeni sasoThukela uhlangane nabafundi kanye nentsha yaseRoosboom ngenhloso yokuyifundisa ngomdlavuza webele nowesibeletho, uphinde uyikhuthaze ukuba ihlolwe kusenesikhathi.
Okhulumela umnyango, uThabo Sithole, uthi kubalulekile ukuthi abesifazane, ikakhulukazi abasebancane, babe nolwazi ngalezi zinhlobo zomdlavuza futhi bangakushayi indiva ukuhlolwa.
Uphinde wanxusa abazali ukuba bakhuthaze izingane zabo ukuthi zijwayele ukuhlolelwa umdlavuza uma zivakashela ezikhungweni zezempilo.
Ikhansela laseRoosboom, uSphamandla Khumalo, lithi lolu hlelo lusize kakhulu njengoba nentsha idinga ulwazi ngomdlavuza nangezinhlobo zawo.
