Sekuvele incwadi ebhalwe nguMnu Oxford S Mnguni, ebhekiswe kubasebenzi nabaphathi boMasipala wesiFunda sase-UThukela, lapho ebazisa khona ukuthi useqokwe njengeMenenja kaMasipala ebambile.
Ngokwalencwadi yangomhla zingama-30 ku-Okthoba 2026, lesi sinqumo silandela isinqumo soMkhandlu sangomhla zingama-29 ku-Okthoba sokubeka uMenenja kaMasipala, uMnu Langelihle Jili, ekhefini elikhethekile.
UMnguni, obeyiMenenja yaCorperate Services , uthi ukusebenza kukamasipala nezinhlelo zokuhlinzeka ngezidingo zomphakathi kuzoqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka.
Uphinde wanxusa abasebenzi ukuba baqhubeke nokwenza imisebenzi yabo ngobungcweti futhi balandele imigudu esemthethweni yokuxhumana.
