UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uxwayise izikole ngokuvimba abafundi ababhalisiwe ukuthi babhale izivivinyo zabo zikamatikuletsheni.
ngokwesaziso esikhishwe umnyango, loMnyango uthe uthole imibiko yokuthi ezinye izikole zivimbela abafundi ababhalisiwe ukuthi babhale izivivinyo ngezizathu ezahlukene.
Lezi zizathu zihlanganisa abafundi abangayi ezifundweni ezengeziwe ezihlelwa izikole, ukungagqoki umfaniswano wesikole, ukukhohlwa izincwadi zokungena lapho kubhalwa khona izivivinyo noma umazisi emakhaya, kanye nabafundi abakweletayo imali yesikole lapho izikole zibamba izincwadi zokubavumela ukubhala
LoMnyango uthi lesi senzo siphula ilungelo labafundi lokuthola imfundo elivikelwe nguMthethosisekelo.
Inhloko yoMnyango, uMnu G. N. Ngcobo, iyalele ukuthi noma yimuphi umsebenzi otholakala enze lesi senzo kumele amiswe ngokushesha emsebenzini, kanti kuzothathwa izinyathelo zokuqondisa izigwegwe ngokushesha.
Lomyalelo uza ngesikhathi abafundi bebanga le-12 bebhala izivivinyo zabo zikamatikuletsheni.UMnyango ugcizelele ukuthi abafundi ababhalisiwe kumele bavunyelwe ukubhala izivivinyo zabo futhi wanxusa bonke abasebenzi bezemfundo ukuthi balandele lo myalelo.
