Uphiko lwezokushushisa kuzwelonke iNational Prosecuting Authority isamukele isigwebo esikhishwe yiNkantolo yesiFunda eMadadeni, lapho uSinenhlanhla Dlamini,onemininyaka engu-36 ubudala,egwetshwe udilikajele kanti omunye ummangalelwa,oneminyaka engu-23 ubudala, wagwetshwa iminyaka engu-15 ngecala lokubulala.
Lesi sigameko senzeka ngoNovemba 2020, ngesikhathi umufi, naye owayeneminyaka engu-23 ubudala, eya emzini wentombi yakhe. Wahlangana nabamangalelwa, abamsukela bamgenca ngocelemba basebemgwaza ngommese.
Ufakazi owazibonela lesi sigameko wabamemeza ebatshela ukuthi bayeke ababekwenza, kodwa baqhubeka nokumhlasela. Bagcina bebalekile ngesikhathi lofakazi esondela.Umufi wathathwa nge-ambulensi wayiswa esibhedlela, kodwa washonela endleleni.
Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi uZama Zikalala wethule ubufakazi bofakazi ababili kanye nombiko wokuhlolwa kwesidumbu.Inkantolo izwe ukuthi uDlamini unerekhodi lamacala ayisithupha, okuhlanganisa ukushaya, ukubamba inkunzi nokushaya ngesihluku. Kuvele nokuthi wayengaphandle ngoshwele ngesikhathi enza lelicala.
UDlamini ugwetshwe udilikajele, kanti lomunye umsolwa uthole iminyaka engu-15 ngenxa yokuthi wayesemncane ngesikhathi kwenzeka lesisgameko.
