UMasipala wesiFunda sase-UThukela usuphike imibiko esabalele ethi amanzi atholakala esifundeni awaphephile ukuphuzwa. Esitatimendeni esikhishwe izolo ngomhla ka-26 Okthoba 2026, umasipala uthe awukho umbiko woMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle okhombisa ukuthi amanzi awaphephile.
Uphinde wathi unamakhemikhali anele ezikhungweni zokuhlanza amanzi, kanti ukuhlolwa kwezinga lamanzi kwenziwa yi-uMngeni-uThukela Water.
Lokhu kulandela ukusabalala kwe-Voice Note yowesilisa oxwayisa abantu abakhele uthukela ngokungcola kwamanzi. Le VN ithi abantu abaqaphele ngoba amanzi angcolile. Ize ithi lokhu kuqinisekiswe wumnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle.
Umasipala unxuse umphakathi ukuba ungazisabalalisi izindaba ezingaqinisekisiwe ezingadala ukwethuka, wagcizelela ukuthi ngokolwazi olunikeziwe, amanzi aphephile ukusetshenziswa.
