Kulindeleke ukuthi avele enkantolo kaMantshi yaseMusina,owesilisa oneminyaka engu 36 ubudala ongowokudabuka eZimbabawe kulandela ukuboshwa kwakhe ngemuva kokuba etholakale nogwayi ongekho emthethweni ongabiza cishe u-R1.5 million.
Umsolwa uboshwe ngesikhathi amaphoyisa enza umsebenzi wezobunhloli okuhloswe ngawo ukulwisana nokungeniswa nokudayiswa kwemkhiqizo engekho emthethweni.
Amaphoyisa athole amabhokisi angu-55 namakhathoni angu-46 kagwayi iRemington Gold, kanye nezimoto ezimbili zemali elinganiselwa ku-R600 000 zizombili.Umsolwa ubhekene namacala okutholakala nogwayi ongekho emthethweni kanye nokuwuthutha.
