Owayengumengameli waseNingizimu Afrika, uThabo Mbeki, ukuphikile ukuthi uhulumeni wakhe wagxambukela ekushushisweni kwamacala obugebengu benkathi yobandlululo.
Efakaza phambi kwekomishini ephenya ngokubambezeleka kokushushiswa kwala macala, uMbeki uthe umengameli neKhabhinethi abanalo igunya lokuyalela abashushisi ukuthi baqhubeke noma bahoxise amacala.
UMbeki uphinde waphika izinsolo zokuthi uhulumeni wakhe wawunohlelo lokuvikela labo ababenza ubugebengu ngesikhathi sobandlululo ekushushisweni. Uthe izinqumo zokuphenya nokushushisa zingaphansi koPhiko Lukazwelonke Lwezokushushisa (NPA), kanti uhulumeni wawulindele ukuthi lolu phiko lusebenze ngokwezincomo zeKhomishini Yeqiniso Nokubuyisana (TRC)
