Bahluleke nokuzibamba abalandeli bezingqalabutho zikaMaskandi uShwi noMtekhala ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi basebenza ndawonye ukuze bakhiphe umculo omusha.
Lokhu kudalulwe uShwi ekhasini lakhe lakuFacebook. UShwi ubhale kanje, “Kukhona Into esiyiphekayo
aphinde abuya futhi lawo madoda, Khehla lenyoni noGolog’obovu. Anisasazi senisizwa ngendaba. Kulonyaka kukhulu okuzayo. Uzozwa ngetshe njengenyoni.”
Uzokhumbula ukuthi laba baculi bake baxabana kwamanzi phansi, okuze kwadala ukuthi bakhiphe umculi ngamunye. Nanoma ubumnandi ukculo walezi zinsizwa kodwa bekucaca ukuthi bayadingana.

